‘Uphihlize’ owayengunkosikazi ngewisa, isidumbu wasilahla eceleni komgwaqo

2017-04-08 15:33

Bulawayo – Owesilisa, 32, kubikwa ukuthi uvele enkantolo eZimbabwe ngecala lokubulala kulandela izinsolo zokuthi uphihlize owayengunkosikazi wakhe ngewisa.

Kuthiwa uNtombiyenkosi Ndlovu, 22, ushaywe waze washona ngoba enqaba ukuxolela umsolwa.

Ngokombiko weChronicle, uMpiliso Moyo, kusolakala ukuthi ube eselaxaza isidumbu sikaNdlovu ngasemgwaqeni ngemuva kokumhlasela esendleleni egodukayo.

Isidumbu sakhe sitholwe amaphoyisa asebenzela eMadabe.

OLUNYE UDABA: Onesikhwele ubulale unkosikazi wakhe

Inkantolo itshelwe ukuthi uNdlovu wahamba kubo ngomhlaka-2 Ephreli, eya kwakhe, kwathi esendleleni wahlaselwa nguMoyo.

UMoyo kusolakala ukuthi washaya uNdlovu ngesiqwayi ekhanda waze waphuma umphefumulo, wabe esethatha isidumbu sakhe wasiyisa ngasemgwaqeni khona kuzoba sengathi ushayiswe yimoto.

Zamkhalela ngemuva kokutholakala kwesiqwayi esinegazi emzini wakhe.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-16°C Mostly sunny. Cool. Pta: 6-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 1-10°C Sunny. Cool. Bloem: 2-12°C More clouds than sun. Cool.
Dbn: 13-16°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 11-16°C Heavy rain. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...