'UNkulunkulu ushintshe umqondo ngokuthatha uMengameli namhlanje'

2017-10-17 14:00

Harare - Namhlanje bekulindeleke ukuba uMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe adlule emhlabeni, kodwa uNkulunkulu wathatha isinqumo sokumandisela izinsuku.

Lawa ngamazwi kaMfundisi Phillip Mugadza‚ ngoJanuwari owamemezela ukuthi uNkulunkulu umtshele ukuthi uMugabe uzoshona ngo-Okthoba 17, 2017.

Ngempelasonto, umfundisi kubikwa ukuthi uthumele umyalezo othi uNkulunkulu useshintshe umqondo.

OLUNYE UDABA: Senyukele ngaphezu kuka-300 esabashone eSomalia

Kuwona kuthiwa uthe: “Ngitshelwe ukuthi isiphrofetho engasisho ngoJanuwari 2017 sesihlehlisiwe.”

Uthe nokho akazi ukuthi kungani uNkulunkulu ekhethe ukushintsha isinqumo sakhe, ngoba akamtshelanga.

Lo mfundisi waboshwa ngemuva kwesiphrofetho sakhe ngoMenganeli kodwa wabuye wadedelwa ngokuhamba kwesikhathi.

 - Sowetan Live

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...