Unkosikazi kaTsvangirai wenqashelwa ukubona umyeni wakhe

2018-02-11 10:25

Harare – Amalungu omndeni womholi weqembu eliphukisayo uMorgan Tsvangirai kubikwa ukuthi avimbela umkakhe u-Elizabeth ukuba amvakashele esibhedlela, bamsola ngokuthi ufuna esinye sezikhulu eziphezulu sithathe izintambo kumyeni wakhe.

UTsvangirai welashelwa isifo somdlavuza eWits Donald Gordon Medical Centre eGoli.

Kunemibiko eshayisanayo ngesimo sempilo yakhe, njengoba eminye ithi kubonwa ngokusa.

“Isihlobo somholi we-MDC sisola u-Elizabeth ngokufuna ukuba iphini likamengameli wenhlangano uNelson Chamisa kube nguyena othatha izintambo kuTsvangirai kanti kunokwesabela ukuthi angase abenengcindezi yokumfaka esikhundleni kungalandelwanga umthethosisekelo wenhlangano,” kubika iDaily News.

OLUNYE UDABA: Kugwazwe 12 weziguli ezibhedlela ezimbili

UChamisa ungesinye sezikhulu ze-MDC ezigaqele isikhundla sikaTsvangirai njengoba engekho.

NgoLwesithathu, okhulumela uTsvangirai uthe uChamisa wenziwe ibamba likamengameli wenhlangano.

Kodwa okhulumela iqembu, u-Obert Gutu, ukhuphikile konke lokho, wathi lowo owayeyimeya yaseHarare, u-Elias Mudzuri, uyena osabambile.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...