Unkosikazi kaMugabe uthi akashayanga muntu, kodwa wahlaselwa

2017-09-11 15:59

Johannesburg - Unkosikazi kaMengameli waseZimbabwe uthi uGabriella Engels, owamvulela icala lokushaya, wayedakiwe futhi kungathi uyasangana ngelanga lesigameko.

UGrace Mugabe usezwakalise uhlangothi lwakhe ngemuva kwezinsolo ezithi wavuka umbhejazane ehhotela likanokusho eSandton, eGoli, lapho kuhlala khona amadodana akhe amabili ngesikhathi ewafica nalo nobuhle kanye nabanye abangani bakhe.

Ngokombiko weReuters, uMugabe uyakuphika ukuthi yena washaya u-Engels ngentambo kagesi. U-Engels walimala esiphongweni ngemuva kwesigameko.

Ngokusho kukaGrace Mugabe, u-Engels walimala ngesikhathi elwa nabanye abantu besifazane endaweni yobumnandi eTaboo, khona eSandton.

“Wayekhathazekile ngawo [amadodana akhe] wabe eseya kowabheka ehhotela. Kuthe uma uDkt Grace Mugabe efika, wahlaselwa ngommese ngu-Engels, owayedakiwe, ngemuva kokuba emcele ukuba akahambe.

OLUNYE UDABA: Kutholwe izithandani zishonile sekuphele iphathi

“Onogada akukho ababengakwenza ngaphandle kokuba bamkhiphe u-Engels ehhotela,” ngokusho kwesitatimende.

U-Engels kulolu daba umelwe yi-AfriForum, esigxekile isitatimende esikhishwe umkaMugabe.

I-AfriForum ithi uMugabe uzama ngakho konke okusemandleni akhe ukubalekela akwenza ngokuthi aqambe amanga, nokuthi aphendule isisulu sibe ngumsolwa.

- The Citizen

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 16-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...