Ungubani uMalema?, kubuza uMugabe

2017-02-20 11:03

Harare – UMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe usephendule okokuqala umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema ngemuva kokuba ngenyanga edlule ethe akehle esikhundleni.

Ngokombiko weThe Sunday News, uMugabe uthe isicelo sokuba ehle esikhundleni kumele siqhamuke kumalungu eZanu-PF.

"Ikhona kodwa into ongayilalela kuMalema? Ungubani yena uMalema? Abantu okumele bathi angehle esikhundleni abeqembu lami; yiqembu lami engqungqutheleni;  yikomidi eliphezu eqenjini lami. [Uma kwenzeka-ke lokho] ngiyokwehla,” uMugabe ucashunwe esho kanje.

Lo mholi osemdala ukusho lokhu engxoxweni abenayo nesiteshi sikamabonakude soMbuso, i-Zimbabwe Broadcasting Corporation (ZBC), ukubungaza usuku lwakhe lokuzalwa njengoba ezobe ehlanganisa iminyaka engu-93 ubudala.

OLUNYE UDABA: Umbani ubulale izinkomo ezingu-18

UMugabe wazalwa ngomhlaka-21 Febhuwari 1924, kanti le ngxoxo izosakazwa ngoMsombuluko nangoLwesibili.

UMalema wabasematheni ngenyanga edlule ngesikhathi ethi ikhehla elinguMugabe alehle esikhundleni, sekwanele.”

UMugabe wathatha izintambo zoMbuso ngo-1980 ngesikhathi iZimbabwe ithola ukuzimela.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-27°C Sunny. Pleasantly warm. Pta: 11-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 8-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...