Unatshisiwe otshele umyeni ukuthi akathule, ekhuluma no'Sweety' ocingweni

2017-03-31 11:03

Bulawayo - Owesifazane oshadile odelelayo waseBulawayo uThabani Dhliwayo ushaywe ngumyeni wakhe wanaba ngemuva kokumtshela ukuthi akavale umlomo usakhuluma nesithandwa sakhe ocingweni.

URonald Dhliwayo udinwe wagana unwabu ngemuva kokuzwa uThabani ebiza isithandwa sakhe ngoSweety ebonga iselula entsha athengelwe yilo.

UThabani uyalele umyeni wakhe ukuba ehlise umsindo kamabonakude ngesikhathi eshayelwa ucingo yisithandwa sakhe, kubika iB-Metro.

OLUNYE UDABA:Kucekelwe phansi ekasomabhizinisi ngezinsolo zokuthakatha izingane zendawo

"Inkosikazi yami inolaka futhi iyangihlukumeza. Sengizame kaningi ukubikela amaphoyisa aseHillside ngokuhlaselwa yiyo.

"Yake yangihlasela ngensimbi ngangayiphindisela.

"Yake yangishaya ngenduku yegalofu ngomusa kaNkulunkulu ngangalimala," kusho uRonaldo etshela inkantolo ngemuva kokuba uThabani efune incwadi yokuzivikela enkantolo.

Yize kunjalo, uThabani uziphikile izinsolo zikaRonaldo.

"URonaldo uyangithuka futhi uyangishaya. Ungibiza ngamagama athi ngingumqwayizi, angimsebenzi walutho futhi bakhona abanye abafazi abangcono kunami. Akangithathi njengonkosikazi.

"Uqamba amanga aluhlaza cwe ngoba sengithathe isinqumo sokuthola incwadi yokuzivikela kuye.

"URonald uqamba amanga aluhlaza cwe. Nginobufakazi bokukhohlakala kwakhe," usho njalo  phambi kwemantshi yenkantolo.

Imantshi iyalele lezi zithandani ukuba ziyeke ukuhlukumezana.

 - Bulawayo24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter




- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Passing showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain showers. Afternoon clouds. Mild. Bloem: 6-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C More sun than clouds. Mild. PE: 11-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...