Umyeni ugwaze unkosikazi emsola ngokuthengelwa yishende izicathulo

2016-06-06 14:33

Bulawayo - Indoda eneminyaka engu-36 ubudala yaseGweru ivele enkantolo ngokugwaza unkosikazi wakhe ngemuva kokumsola ngokuthengeklwa yisoka eizicathulo ezintsha.

USamuel Chitopo waseMkoba eGweru uvele ngaphambi kweMatshi uTayengwa Chibanda ebhekene necala lokuzama ukubulala.

UChitopo uzogcinwa esitokisini aze aphinde avele ngomhlaka-10 Juni kulandela ukulivuma icala.

OLUNYE UDABA:Indodakazi ubambe unina elele nobaba wengane yakhe

UChitopo utshele inkantolo ukuthi unkosikazi wakhe unesoka futhi usola ukuthi izicathulo afike nazo ekhaya izithengelwe yilo isoka.

"Nkosi yeNkantolo ngimugwazile unkosikazi wami ehlombe langasokudla ngemuva kokuhluleka ukungichazela ukuthi uzithathephi izicathulo afike nazo endlini. Kanti futhi ngelinye ilanga wakhe wafaka isithombe sesoka lakhe enkundleni yezokuxhumana iWhatsapp wavimba (block) inombolo yami yocingo," kusho uChitopo.

U-Ellen Masair ongunkosikazi kaChitopo wangeniswa esibhedlela iGweru Provincial eyolashwa kuphinde kutholakale nombiko kadokotela ukuze uzoba yingxenye yobufakazi enkantolo, kubika iBulawayo24.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...