UMugabe wayehlukunyezwa ngumkakhe - Umbiko

2018-04-16 09:31

Johannesburg - Lowo owayengumengameli wezwe uRobert Mugabe wayeyisisulu sokuhlukunyezwa ngumkakhe, ngendlela yokuba amasosha ayesecabanga nokumnikeza indawo azohlala kuyona egadwe amasosha, kusho iphephandaba ngeSonto.

IDaily News ngeSonto icaphune umthombo ongadalulwanga uthi ngesikhathi uMugabe usangumengameli, enye yezingane zakhe yatshela isikhulu samasosha ukuba uMugabe ushaywa kabi ngumkakhe futhi umyahlukumeza.

OLUNYE UDABA: Ugwaze umzala kubangwa imali yokugibela

"Isimo sasisibi kakhulu ngendlela yokuthi izikhulu zamasosha zasezicabanga ukumthatha, simhlalise endaweni ephephile eTongogara Barracks (eHarare) ngenxa yokuthi wayengasaphephile ekhaya,” kusho umthombo.

Lezi zinsolo aziqinisekiswanga.

Kuzokhumbuleka ukuthi amasosha kuthiwa esinye sezizathu sokuba akhiphe uMugabe esikhundleni kwaba yindlela ayenomthelela ongemuhle ngayo uGrace Mugabe ekuphathweni kwezwe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...