UMugabe waphathwa yisifo sohudo amasonto amabili ngenxa yoshevu - Umbiko

2017-09-10 13:33

Bindura - UMengameli uRobert Mugabe wake wagula kabi ngenxa yokudla okunoshevu futhi wayecabanga ukuthi uzodabula amafu.

Lokhu kuvezwe yinkosikazi yakhe uGrace Mugabe ethe umyeni wakhe walashwa kanzima kabi ngoba wayengasakwazi nokuvuka embhedeni.

"Whlala amasonto amabili exinwe yisifo sohudo, kodwa asikaze sibange umsindo ngalokho,
" kusho yena ngokombiko okhishwe ngabe-NewZimbabwe.com.

Kuthiwa uMugabe waze wabiza uNgqongqoshe uSydney Sekeramayi, ongudokotela ngoba wayebona kahle ukuthi ngeke asinde kulokhu.

OLUNYE UDABA:UMugabe ‘usuke engalele emihlanganweni, uvikela amehlo’

UGrace ubekhuluma engqungqutheleni yeZanu-PF ngoMgqibelo lapho ecashunwe ekhuluma ngolimi lwasekhaya isiShona.

Uthe: "Umyeni wami wadla ukudla okunoshevu, yebo, kodwa asikaze siphumele obala ngalolu daba."

Usho lokhu esedolobheni laseBindura egadla kulabo abeseka iPhini likaMengameli u-Emmerson Mnangagwa, abathi adliswa ushevu ngamabomu ngo-Agasti.

Izindaba zokuthi uSekeramayi uyena owabizelwa ukuba alekelele uMugabe ebhekene nobunzima kuqinisa izinsolo zokuthi uyena oyimfivilithi ehlelelwe ukuthatha izintambo kuMugabe.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...