UMugabe uthole isamba semali njengengxenye yesivumelwano - Umbiko

2017-11-25 13:03

Harare – Lowo owayengumengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe, 93, kubikwa ukuthi unikezwe isamba sika-$10 million, umholo wenyanga ogcwele, i-medical cover kanjalo nokuvikeleka.

Lokhu bekubandakanya isivumelwano sokuthi abeke phansi izintambo zoMbuso.

Kuleli sonto kuvele imibiko ethi uMugabe ngeke ashushiswe ngemuva kokwesula kwakhe esikhundleni njengomholi weZimbabwe ngoLwesibili.

Ngokusho kombiko weThe Independent, abebekhona kuqhubeka izingxoxo bakwazile ukufinyelela esivumelwaneni nabakhuzi bezempi ukuthi uMugabe angayi ekubhaceni, kodwa esikhundleni salokho akwazi ukuthatha umhlalaphansi ezweni lakubo athole nayo yonke imihlomulo.

OLUNYE UDABA: Abantu baseZimbabwe babambe 'umngcwabo' kaMugabe

"Uhulumeni uzomnika isamba sika-$5 million kuthi le enye esele ayithole kancane kancane,” kusho umbiko ucaphuna umthombo.

"UMugabe uzophinde athole ne-medical cover kanjalo nomholo wakhe ogcwele njalo ngenyanga. Uma kwenzeka eshona, unkosikazi wakhe uzothola ingxenye yomholo wakhe nyangazonke.”

Umholi omusha waseZimbabwe u-Emmerson Mnangagwa ufungiswe waphinde wagcotshwa ngoLwesihlanu kulandela uMbuso kaMugabe weminyaka engu-37.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...