UMugabe uthi uMengameli omusha akekho semthethweni

2018-03-16 16:00

Harare – Lowo owayengumengameli wezwe eZimbabwe uRobert Mugabe usecele umhlangano noMengameli Emmerson Mnangagwa, wathi iZimbabwe kumele ibuyele ekwenzeni izinto ngokoMthethosisekelo, kulandela ukukhishwa kwakhe esikhundleni ngoNovemba.

UMugabe ukusho lokhu emzini wakhe oseHarare lapho ebekhuluma khona nezintatheli okokuqala selokhu aphoqwa ukuba ehle esikhundleni.

UMugabe waphoqwa ukuba ehle esikhundleni ayengene kusona leliya lizwe lithola ukuzimela ngo-1980.

Selokhu aphuma esikhundleni, ubengasabonakali emphakathini – kwaze kwaba uLwesithathu.

OLUNYE UDABA: Lixolisile ilungu lePhalamende elagqugquzela ukushaywa kwabesifazane

"Angimzondi uMnangagwa futhi ngifuna ukusebenzisana naye. Kodwa kumele angene ngendlela efanele lapho ekhona. Ungene ngokungemthetho.

"Kumele silungise leli hlazo esizifake kulona. Alisifanele. IZimbabwe ayifanelwe yilokhu. Sifuna ukuba yizwe elilawulwa wuMthethosisekelo… Kumele sithobele umthetho,” kusho uMugabe.

UMugabe uphinde wathi uMnangagwa kumele amumeme ngendlela efanele ukuze bezobamba izingxoxo.

"Ngizimisele ngokubamba izingxoxo futhi ngizimisele ngokubamba iqhaza ohlelweni lonke kodwa kumele angimeme. Okwamanje ngizitshiwe,” kusho uMugabe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...