UMugabe uthi uMandela 'wadayisa' abantu abamnyama eNingizimu Afrika

2017-08-27 12:58

Harare – UMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe usephinde wagxeka lowo owaba nguMengameli wokuqala waseNingizimu Afrika ngaphansi kwentando yabantu, uNelson Mandela.

UMugabe, 93, akafuni ukuyeka indaba kaMandela kanye nokwabiwa kabusha komhlaba eNingizimu Afrika.

Ekhuluma esemngcwabeni eHarare, uMugabe uthe uMandela ziningi izinto abayekelela kuzona abelungu baseNingizimu Afrika.

OLUNYE UDABA: UGrace Mugabe ubonakale okokuqala emphakathi kulandela isigameko sokushaya

"Ngibuze omunye wongqongqoshe be-ANC ukuthi kwenzeka kanjani ukuba abelungu bayekwe nje namandla amangaka, wathi yingenxa yomngani wakho uMandela, uyena owenza amaphutha,” kusho uMugabe.

Uthi uMandela wayengafuni ukuhamba nabanye uma eyobamba izingxoxo nohulumeni wobandlululo, wayefuna ukuhamba yedwa ngaso sonke isikhathi.

“Wayebatshela ukuthi ‘buyelani emuva, ngizohamba ngedwa.’ Kungenzeka ukuba wayengummeli kodwa wayebadinga abazoma naye.”

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...