UMugabe uthi ufuna ukufela eZimbabwe

2017-11-23 16:03

Harare – Lowo obengumengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe, 93, kubikwa ukuthi unikezwe ushwele okuchaza ukuthi ngeke ashushiswe ngemuva kokuswesula njengomholi waseZimbabwe.

Ngokombiko weReuters, lo mengameli kuthiwa uphinde waqinisekiswa ukuthi uzophepha uma ekhetha ukuhlala kuleliya lizwe, njengengxenye yesivumelwano esiholele ekutheni agcine esula esikhundleni ngoLwesibili.

Lo mbiko ucaphune imithombo kahulumeni ithi uMugabe utshele labo abebekhona kuqhubeka izingxoxo ukuthi ufuna ukufela eZimbabwe futhi akanaso isifiso sokuhlala ekubhaceni.

"Bekungumzuzu onzima kuye uMugabe futhi ubegcizelela kulokhu. Kuyena kubalulekile ukuthi kuqinisekiswe ukuthi uzovikeleka yena nomndeni wakhe uma eqhubeka ehlala kuleliya lizwe...kepha angavinjelwa uma efuna ukuya kwamanye amazwe," kucashunwa imithombo.

OLUNYE UDABA: 'Ukuphi uMugabe?,' kubuza abantu baseZimbabwe

Lokhu kuza ngemuva kokuthi lowo ozofungiswa njengomengameli u-Emmerson Mnangagwa elungiselela ukuthatha amandla kulandela ukuphela koMbuso kaMugabe weminyaka engu-37.

UMnangagwa uzofungiswa ngoLwesihlanu, ngokusho kwezikhulu.

Ukufadalala koMbuso kaMugabe kuze ngemuva kokuba amasosha ashaqe izintambo zoMbuso kulandela ukuthi uMugabe axosha uMnangagwa, abanye babona lokhu njengomnyakazo wokuphendlela indlela unkosikazi wakhe uGrace ukuba aphathe izwe.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...