UMugabe uthi bazoma noZuma, noma ngabe abantu bathini

2017-08-14 09:31

Harare – UMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe kubikwa ukuthi uthe izwe lakhe lizoma noMengameli Jacob Zuma njengoba izimbangi zakhe zizama ukumketula ngaphambi kokuphela kwesikhathi sakhe.

Ngokombiko wephephandaba iSunday Mail, uMugabe ukusho lokhu ngesikhathi eqhuba umkhakhanso eralini ebiseGwanda ngempelasonto.

"…i-ANC noMengameli Zuma; noma ngabe abantu baseNingizimu Afrika noma abaseZimbabwe bathini ngaye, sizosebenzisana naye ngendlela efanele ngoba usenguMengameli we-ANC," kucashunwa uMugabe.

OLUNYE UDABA: I-DA igxeke ese-ANC

UMugabe kubikwa ukuthi uthe kungenxa ye-ANC benobudlelwane neZambia, Angola kanye neNingizimu Afrika.

UZuma ngeledlule wasinda esiphakamisweni sokungethenjwa kobuholi bakhe ePhalamende, ngemuva kokuvota ngokuyimfihlo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...