UMugabe ngeke athweswe macala - Umbiko

2017-11-23 14:00

Harare – Lowo owabenguMengameli waseZimbabwe, uRobert Mugabe, awekho amacala azothweswa wona  futhi uzoqhubeka nokuvikelwa ngaso sonke isikhathi, kusho imithombo ngoLwesine.

Imithombo esondelene nezingxoxo ithi lesi ngesinye sezivumelwano okufinyelelwe kuzona noMugabe ukuze ezokwehla esikhundleni.

UMugabe waqala ukuhola iZimbabwe ngo-1980 ngesikhathi ithola inkululeko kodwa uze wehla esikhundleni ngoLwesibili ngemuva kokuba amasosha emphuce amandla oMbuso, neqembu lakhe lamjikela.

OLUNYE UDABA: Ukuphi uMugabe? - kubuza abantu baseZimbabwe

U-Emmerson Mnangagwa, owayeyiphini likamengameli, kulindeleke afungiswe ngoLwesihlanu kwesokuba yibamba likemengameli.

Umthombo uthi uMugabe, 93, utshele labo ebebehola izingxoxo ukuthi yena ufisa ukufela eZimbabwe futhi akanazo izinhlelo zokuya ekudingisweni.

Kumanje isithombe sakhe uMugabe sokuqala ngqa kusukela asula esikhundleni sizungeza ezinkundleni zokuxhumana. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 10-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...