UMugabe kumele alalele abantu ehle esikhundleni - Mnangagwa

2017-11-21 10:59

Johannesburg - Lowo owaxoshwa njengesekela likamengameli u-Emmerson Mnangagwa usekhulume okokuqala ngqa kulandela izinxushunxushu zezombusazwe ezihaqe iZimbabwe, ezaqala ngesonto eledlule.

UMnangagwa uthi usebizelwe ukuba abuyele ekhaya nguMengameli Robert Mugabe kepha wanqaba kuze kube kuyaqinisekiswa ukuthi uzophepha, kubika i-Eyewitness News.

IReuters ibike ukuthi uMnangagwa uthe izinxushunxushu ezikhona ezweni akaxhumi yena kuzo, kepha zimayelana noMugabe nabantu bezwe.

Kuzokhumbuleka ukuthi lezi zinkinga zaqala mhla uMugabe efaka amasondo uMnangagwa njengesekela lakhe.

Uthe le yindlela yabantu baseZimbabwe yokuveza ukuthi kabasabethembi ubuholi bukaMugabe, 93, wathi kuhle lo mholi alalele abantu ngokuthi ehle esikhundleni.

Uqhuba ngokuthi uzimisele ngokubuyela ekhaya ayokwakha kabusha umnotho wezwe odonsa kanzima.

Uphinde waqinisekisa ukuthi wabaleka eHarare ngemuva kokwaziswa ngezinhlelo zababefuna ukumsoconga.

TWITTER:

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...