UMugabe akaze awenze amaphutha - Mnangagwa

2018-01-31 09:31

Harare – Ngemuva kwezinyanga ezimbili athatha izintambo zokuhola izwe, uMengameli Emmerson Mnangagwa namanje usamile kwelokuthi uRobert Mugabe akaze awenze amaphutha esaphethe.

UMnangagwa uthi yilabo abasondelene noMugabe ababezenzela, benza ukungalungi ngoba nakhu yena esegugile.

UMugabe, 93, kwase kuphele iminyaka engu-37 eqhoqhobele izintambo zoMbuso ngesikhathi evuka umuzi wakhe usuzungezwe ngamasosha ngoNovemba owedlule.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe obenza abasebenzi basendlini izigqila

Wabe esecelwa ukuba ehle esikhundleni ukuze kungene uMnangagwa – owayesanda kuxoshwa nguyena uMugabe.

Ebuzwa yizintatheli zaseRussia ukuthi ngabe akhona yini amaphutha enziwa uMugabe angeke afune yena ukuwaphinda, uMnangagwa uthe: "Cha, umengameli akaze awenze amaphutha." 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...