UMSINDO: Uqophe umyalezo uMengameli wezwe okuthiwa akaphilile neze

2017-06-26 18:00

Abuja – UMengameli waseNigeria oxinwe ukugula, uMuhammadu Buhari, kubikwa ukuthi useqophe umyalezo nalapho ebedlulisa izilokotho ezinhle ngeholidi i-Eid, nokuyiholidi eligujwa abenkolo yamaSulumane umhlaba wonke.

Leli holidi liba ngosuku okuphela ngalo iRamadan, nokuyisikhathi esingangenyanga lapho abenkolo yamaSulumane besuke bebophe khona ibhande.

Kuyimanje uBuhari useLondon, eNgilandi, nokuyilapho ethola khona ukwelashelwa ukugula okungadalulwanga.

Ngokombiko weThis Day, lokhu bekungokokuqala emasontweni angu-8 ukuthi abantu baseNigeria bezwe izwi lakhe ngemuva kokuthi ashiya leliya lizwe elisentshonalanga ne-Afrika emasontweni angu-8 adlule.

Lo msindo oqoshiwe bekuhloswe ngawo ukuchitha imibiko yangesonto eledlule nebisola ukuthi uBuhari akasakwazi ukukhuluma kahle futhi useyakhohlwa yizinto.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: Ubuye esenciphile emzimbeni umengameli ‘obexinekile’

Lo msindo uqoshwe ngolimi lwesiHausa.

Kulo msindo, uBuhari ubonge abantu baseNigeria ngemithandazo yabo ngesimo sempilo yakhe waphinde wabanxusa ukuba bahlale begwema inzondo kanye nezinkulumo ezihlukanisa phakathi nezingafaka izwe ezinkingeni.

UBuhari washiya i-Abuja walibhekisa eLondon ngomhlaka-7 Meyi ukuze ayohlolwa ngokwesimo sempilo kulandela ukuchitha isikhathhi esicishe sibe yizinyanga ezimbili eBrithani elashelwa lokho akubiza ngokugula okubi kunakho konke empilweni yakhe.

Ukugula kwakhe kubhekwe ngeso lokhozi njengoba owayenguMengameli ngaphambilini, u-Umaru Musa Yar'Adua, ashona esesehhovisi ngonyaka ka-2010 ngemuva kokuthola ukwelashelwa isifo esasisimxine isikhathi eside kodwa esingadalulwanga, phesheya kwezilwandle.

Ukungabikhona kukaYar'Adua kwadala ukuthi kungabi khona uzinzo kwezepolitiki okwadonsa izinyanga.

Zizwele umyalezo oqoshwe nguMengameli Muhammadu Buhari ewubhekise esizweni ngezansi: 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...