Umshayeli wetekisi udubule owehle etekisini ngaphandle kokukhokha

2017-07-03 14:00

Walvis Bay - Kuboshwe umshayeli wetekisi eWalvis Bay, eNamibia, ngoMgqibelo ngokudubula umgibeli owehle etekisini lakhe wabaleka, ngaphandle kokukhokhela uhambo.

Umsolwa, 40, uthweswe icala lokuzama ukubulala kanti kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseWalvis Bay namuhla (ngoMsombuluko).

ULinginus Shaatoi Shavuka, 29, ungeniswe esibhedlela iWalvis Bay State enenxeba lokudutshulwa ehlombe. Usesimweni esikahle.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe umshayeli wetekisi ngelokubulala

ISekela likaKhomishana wamaphoyisa u-Erastus Iikuyu, uthe ngeSonto uShavuka nenye indoda kusolwa ukuthi behla etekisini babaleka ngesikhathi umshayeli wetekisi ehlisa isivinini, ema erobhothini ngakuNathaniel Maxuilili Street, eKuisebmond.

U-Iikuyi uthe umshayeli uvulele la madoda womabili icala lokweba ngenxa yokuhluleka ukumkhokhela uhambo. Amaphoyisa aphenya womabili amacala.


ANA-NAMPA

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...