Umphrofethi ubulale umzalwane embhabhadisa, wathi uvele waphenduka isilwane

2018-04-19 16:05

Umphrofethi waseZimbabwe, 37, uvele enkantolo ngemuva kwezinsolo zokubulala ilungu lebandla ngesikhathi kuqhubeka inkonzo yombhabhadiso eNyaure River, eDomboshawa.

Ngokusho kombiko weNew Zimbabwe.com, lesi sigameko senzeke ngempelasonto eyedlule ngesikhathi uMfundisi Masimba Chirayi ebona sengathi uWendy Thinnamay Masuka usephenduke waba yi-vampire.

UChirayi utshele iNkantolo yeMantshi yaseHarare ukuthi akazange ambulale ngenhloso umufi. Uthi ngesikhathi embhabhadisa wavele waphenduka isilwane esiyingozi futhi esisabekayo.

"Emehlweni ami ngangibona sengathi ungenwe ngamadimoni, enodlame futhi ngangicabanga ukuthi uzobabulala labo ababemfaka emanzini, kwaze kwaba ngiyamehlula ngamandla," kucashunwa uChirayi.

Udedelwe ngebheyili ka-$50 kanti uzobuyela enkantolo ngenyanga ezayo.

OLUNYE UDABA: Kushone izingane ezimbili ezigwilize KwaNongoma

Ngo-2016, izingane eziyisithupha, okubalwa nenonyaka owodwa ubudala, zashona ngesikhathi zibhabhadiswa emfuleni osenyakatho nezwe.

Ngoskuho kweDaily News, lo mbhabhadiso, owawuqhutshwa ngabaphrofethi ababili ngesikhathi "kuphambana izinto" washiya izakhamuzi zishaqekile.

Izingane zatholakala ziphuma amagwebu ngomlomo, kanti amaphoyisa asola ukuthi amanzi ezazifakwe kuwo ayebanda ngokweqile.

La baphrofethi ababili bakhalelwa ngamasongo kaSigonyela base bebekwa icala lokubulala ngokungenhloso.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...