UMnangagwa uxolele iziboshwa ezingu-16 ebezizolengiswa

2018-03-29 09:32

Iziboshwa ezibalelwa ku-16 eZimbabwe kubikwa ukuthi ziguqulelwe izigwebo zentambo zenziwa ezikadilikajele, ngemuva kokuthi uMengameli Emmerson Mnangagwa ekhiphe lesi sinqumo.

Ngokusho kwephephandaba elingaphansi koMbuso iHerald, uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo nezamaJele ithe uMnangagwa “usindise” iziboshwa ezingu-16 ebese zilindele ukulengiswa.

Lokhu kulandela ukuthi ekhiphe ngoshwele iziboshwa ezingu-3 000 ngesonto eledlule.

Okhulumela ezamajele u-Elizabeth Banda uthe zibalelwa okungenani ku-173 iziboshwa ezisezinhlelweni zokudedelwa eHarare Central Prison.

Uthe iziboshwa ebese zilinde cishe iminyaka eyishumi ukuba zilengiswe, izigwebo zazo zehlisiwe zenziwa ezikadilikajele.

NgoJanuwari bezingu-99 iziboshwa ebezilindele ukulengiswa eZimbabwe.

Leli lizwe lagcina ngo-2005 ukulengisa iziboshwa njengoba u-hangman wokugcina athatha umhlalaphansi ngo-2006 kanti akekho owathatha izintambo kuye.

Esitatimendeni, inhlangano emele amalungelo abantu i-Amnesty International isamukele lesi sinqumo sikaMnangagwa yathi singumnyakazo omuhle obheke ekutheni kuqedwe nya ngesigwebo sentambo.

 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...