UMnangagwa 'unesikhathi esincane kakhulu' sokutshengisa uguquko

2017-11-30 17:59

Harare - Iqembu eliphikisayo eZimbabwe lithi uMengameli omusha u-Emmerson Mnangagwa unesikhathi "esincane kakhulu" ukukhombisa ukuthi uyahlangabezana nokulindelwe yizwe ngemuva kokuqunjwa phansi kukaRobert Mugabe.

UMorgan Tsvangirai ukhulume neThe Associated Press ngoLwesine wathi "kuzoba nzima ukuqinisekisa wonke umuntu" ukuthi ubuholi obusha baseZimbabwe bulungisa isimo.

Uthe ngeke kube lula ukutshengisa ukuthi lukhona uguquko olwenzekayo uma kungukuthi iningi labantu ezweni lisabhuqwa yindlala njengoba isimo somnotho sintenga.

OLUNYE UDABA: UMnangagwa uncome uMugabe wambiza 'ngobaba wesizwe'

UTsvangirai uphinde wathi ukushushiswa kwabantu ngezinto abazenza ngaphansi kukahulumeni kaMugabe ngeke kubayise ndawo njengoba kuzovela amanye amanyundululu.

Uthe nokho ukuhlelwa kwekhomishini yamaqiniso nokubuyisana kungaba yiyona indlela yokukhuluma ngamaphutha enzeka ngaphansi koMbuso kaMugabe, owesule esikhundleni ngomhlaka-21 Novemba ngemuva kokuqhoqhobala amandla oMbuso iminyaka engu-37.


- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...