UMnangagwa uncome uMugabe wambiza 'ngobaba wesizwe'

2017-11-24 17:59

Harare - Lowo ogcotshwe njengoMengameli omusha waseZimbabwe u-Emmerson Mnangagwa uncome lowo obengumengameli uRobert Mugabe "njengobaba wesizwe" emcimbini wokugcotshwa kwakhe ngoLwesihlanu.

"Ngivumeleni ngalo mzuzu ukuba ngihloniphe owaba ngumunye wabantu esibathatha njengezingqalabutho zezwe uRobert Gabriel Mugabe," kusho uMnangagwa ekhuluma phambi kwezindimbane zabantu abezihlanganyele eNational Sports Stadium.

"Ngiyathanda ukutho sonke samukele siphinde sitshengise ukuthi siyawazi amagalelo akhe ekwakhiweni kwaleli lizwe."

OLUNYE UDABA: Usegcotshwe njengomengameli waseZimbabwe uMnangagwa

UMnangagwa ube esethembisa ngokuthi kuzobanjwa ukhetho "lwentando yabantu" ngonyaka ozayo, wafunga wagomela nangokuthi lesi yisiqalo esisha ngemuva kweminyaka engu-37 kuphethe uMugabe.

Ube esecela abantu baseZimbabwe ukuthi bakhohlwe yizinto ezenzekile esikhathini esedlule.

Uphinde wathembisa ngokunxephezela abalimi abaphucwa amapulazi abo ngaphansi koMbuso kaMugabe, okwaholela ekutheni izwe ligxekwe ngamazwe omhlaba. Nokho, uthi ngeshwa ngeke basakwazi ukubuyela emuva balungise lawo maphutha enzeka.

UMnangagwa uthi uzizwa "ethobekile kakhulu" ukuthatha amandla oMbuso.


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...