Umka Mugabe uthi uzosiza umyeni wakhe alungise isimo sezwe

2017-11-11 11:06

Harare – Unkosikazi kaMengameli waseZimbabwe uGrace Mugabe uthi uzosiza uMengameli Robert Mugabe abuyisele izwe esimeni somnotho esifanele, ngokusho kwemibiko.

Ekhuluma nezinkulungwane zabalandeli be-Zanu-PF eHarare kuleli sonto, umka Mugabe uthe uzosiza umyeni wakhe alungise isimo somnotho wezwe esingesihle, kubika iphephandaba iHerald.

UGrace utshele izinkumbi zabantu ukuthi uMugabe "wagcotshwa nguNkulunkulu futhi nguSomandla kuphela ongathatha isinqumo ngekusasa lakhe.”

OLUNYE UDABA: 'Ukudelela abantu ukuqamba isikhumulo sezindiza ngoMugabe'

Uthe: "UnguMengameli wami. Ngiyamthanda uMengameli wami. Ngizomsiza alugise isimo sezwe.”

UMugabe ngoMsombuluko uxoshe uMnangagwa kwesokuba yiphini likamengameli.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...