Uminze washona ophoseke edamini bethatha ama-selfie

2017-05-10 18:01

Bulawayo – Owesilisa oneminyaka engu-26 ubudala kubikwa ukuthi uminzile ngemuva kokushelela edwaleni abemi kulona waphoseka edamini ngesikhathi beshutha ama-selfie nabangani abezikhiphele nabo eMatopo National Park eZimbabwe ngempelasonto.  

Ngokombiko wephephandaba iChronicle, isidumbu sikaTichawana Nyamande sikhishwe ngoMsombuluko eMaleme ngemuva kwesigameko esenzeke ngeSonto.

UNyamande ushelele wangena edamini ngesikhathi eshutha ama-selfie efulathele amanzi abefuna avele esithombeni.

OLUNYE UDABA: Kushone,26, kushayisana amabhasi

Ushayeke ngekhanda edwaleni waquleka, ngokusho kombiko.

Imizamo yabangani bakhe yokumtakula ayiphumelelenga. Babikele amaphoyisa ngesigameko.

NgoFebhuwari, owesilisa waseBulilimamangwe ePlumtree wagxotshwa yindlovu washona ngesikhathi yena nabangani bakhe bezama ukushutha ama-selfie nazo.

UMoses Ndlovu, 31, nabangani bakhe oMethuseli Sibanda noMagezi Nyathi kuthiwa babona izindlovu ezintathu ehlane base bezama ukuzikhiphela endaweni esobala ukuze bezoshutha nazo.

Kwathi kusenjalo zavele lezi zindlovu zabadumela zabajaha, babaleka bahlakazeka base beyadukelana.

Enye yezindlovu yafica uNdlovu yase iyamgxoba waze washona, abangani bakhe bakwazi bona ukubaleka.




- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...