Umile umsebenzi wokulungiswa komuzi wendodakazi kaMugabe

2017-12-06 14:01

Harare - Umsebenzi wokulungiswa kwesithabathaba somuzi wendodakazi kaRobert Mugabe, uBona, obiza izigidi zama-Dollar usamisiwe.

Lo msebenzi umiswe kulandela izehlakalo zakamuva kuleliya lizwe lapho uMugabe aphoqeleka khona ukuba ehle esikhundleni sakhe.

Lo muzi owakhiwa yinkampani yaseChina usedolobheni iHarare endaweni yomntakabani i-Umwinsidale.

Izakhamuzi zakule ndawo zazimangele ngenxa yokushesha komsebenzi kusahlahlwa indlela etshengisa ukuthi kuzokwakhiwa umuzi omusha.

OLUNYE UDABA: Iboshiwe indoda eshise umuzi wentombi ngoba yaliwa

Ukwakha kwaqala ngenyanga kaMeyi, kodwa kwamiswa ngomhlaka-21 Novemba. Kubonakala sengathi omakhi sebehoxile ukusebenza kule ndawo.

"Usonkontileka omkhulu nokuyinkampani yaseChina isibasusile ogandaganda bayo abasebenza lapha kanti lokhu kwenzeka ngesikhathi kuqala izinkinga ebuholini bukaMugabe," kusho isisebenzi sitshela abamaphepha.

UBona uyindodakazi endala ezinganeni zikaMugabe ezintathu. Wagana uSimba Chikore owayengumshayeli wezindiza owasula esesikhundleni esiphezulu ku-Air Zimbabwe.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...