Umholi weqembu eliphikisayo uqinisekise ukuthi unomdlavuza

2016-06-27 20:34

Harare – Umholi weqembu eliphikisayo eZimbabwe, uMorgan Tsvangirai, ngoMsombuluko udalule ukuthi unesifo somdlavuza, kanti useqalise uhlelo lokwelashwa.

Ngemuva kwamasonto kuqagulwa, uTsvangirai, 64, uthe odokotela baseNingizimu Afrika ngenyanga edlule bamhlinza – ngempumelelo – kodwa leso bekuyisiqalo njengoba esazoqhubeka nokwelashwa.

Funda nalolu daba: Uboshiwe osolwa ngokubulala unina wamshisa nomuzi

Eqondise kuMengameli Robert Mugabe, lo mholi weMovement for Democratic Change uthe yena ukholelwa ukuthi isimo sempilo yabaholi akumele kulokhu kuqagulwa ngaso.

UMugabe, 92, sekuvamile ukuba alibhekise eSingapore ngenxa yesimo sempilo yakhe esingaziwa.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...