Umfundisi ubulale umkakhe onqabe ukuba benze ucansi

2017-06-23 11:01

Harare - Umfundisi webandla laseZayoni eZimbabwe usolwa ngokushaya abulale umkakhe ngegeja ngoba enqabe ukuba benze ucansi.

UMisheck Ncube, 54, ube esezinikela emaphoyiseni aseGwanda ngesikhathi ebona ukuthi uNokuthula Khumalo, 44, akasaphefumuli ngemuva kokumshaya phakathi kwamabili ngoLwesithathu.

Isigameko senzeke eNsimbi Village ngaphansi kwenkosi uNhlamba endaweni yaseGuyu.

OLUNYE UDABA: Akasekho emhlabeni lowo owayenguMengameli

UNcube kuthiwa utshele amaphoyisa ukuthi uhluthuke inhliziyo umkakhe emncisha elinye lamalungelo omshado ngesikhathi efuna benze ucansi.

Kuthiwa utshele amaphoyisa ukuthi umkakhe umshaye kabili ngegeja ebusweni, washona.

Umthombo osondelene nezithandani uthi uNcube udinwe kwathi akaqhume ngesikhathi uKhumalo emncisha ucansi, ethi akazizwa kahle.

- Chronicle

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Scattered showers. Clearing skies. Cool. Pta: 13-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...