Umfundisi owaboshwa ufaniswe neBoko Haram enkantolo

2017-10-01 16:30

Harare – Ufakazi ophambili woMbuso ufanise umfundisi waseZimbabwe u-Evan Mawarire nomholi weBoko Haram.

Ukuthethwa kwecala elibhekene noMawarire kuqalile ngesonto eledlule eNkantolo eNkulu eHarare njengoba ebhekene namacala okuvukela uMbuso kulandela ukuhlela kwakhe umbhikisho ophikisana nohulumeni ngonyaka odlule.

"La maphekula awavelanga nje aqala. Lokhu kufana ncamashi nendlela eyenza ngayo iBoko Haram,” kusho uMartin Runganga, ongumphenyi

"Umsolwa waqala ngokuvula ibandla lapho ayekhohlisa khona abazalwane,” esho, kubika iNewZimbabwe.com.

OLUNYE UDABA: Uzilengisile owabanjwa enza ucansi nogogo wakhe

UMawarire, oyinhloko yebandla elincane eHarare, wazakhela udumo ngonyaka odlule ngesikhathi ku-Facebook efaka i-video yakhe eveza ezisonge ngefulegi, ezwakalisa ukunengeka kwakhe ngobunzima kwezomnotho nokungabikho kwethemba ngezwe iZmbabwe.

Wasiza ekuhleleni umbhikisho ngoJulayi, owamisa yonke into emadolobheni akuleliya lizwe.

Waboshwa, wagcinwa esitokisini kodwa wadedelwa ngokuhamba kwesikhathi. Umbuso ngoFebhuari wamvulela kabusha amacala ngesikhathi esebuya ekudingisweni eMelika.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...