Umfundi wakhe iselula engayidingi i-airtime

2016-07-29 19:00

Windhoek – Umfana owenza uGrade 12 eNamibia wakhe umakhalekhukhwini ongenayo i-SIM card futhi ongadingi i-airtime uma ufuna ukufona.

Ngokombiko weNew Era, uSimon Petrus, ofunda e-Abraham Iyambo Senior Secondary School, wakhe le selula esebenzisa izipele zefoni endala kanye nozikamabonakude.

Lo makhalekhukhwini kuthiwa usebenza ngamandla e-radiator kanti uyakwazi ukuthi ufone ngawo noma ngabe ukuphi ngoba usebenza nge-frequency yomsakazo.

OLUNYE UDABA: Ishonile indoda ebiqhumisa umshini wamakhondomu

Kuthiwa lo makhalekhukhwini uyakwazi futhi ubuke kuwo isiteshi esisodwa sikamabonakude.

UPetrus kuthiwa akaqali ukwakha into ezombeka eshashalazini, njengoba ngonyaka owedlule wahlabana ngendondo yegolide ngokwakha umshini owomisa imbewu uphinde ube yisiqandisi.

Uthi unethemba lokuthi le selula ayakhile izokwazi ukuthi ikhiqizwe ngokusemthethweni bese isiza abantu abaningi.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C Drizzle. Morning clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...