Umfundi uhudulele owesifazane ehlathini 'wamthinta ikhekhe'

2017-04-12 16:00

Bulawayo - Umfundi wesikole iPlumtree High oneminyaka engu-15 ubudala usolwa ngokuhudulela owesifazane ehlathini wafike wamthinta isitho sangasese.

Isisulu sineminyaka engu-23 ubudala kanti sihlala ngaphakathi emagcekeni esikole.

Yize kunjalo, lo wesifazane ulihoxisile icala ebelibhekene nalo mfana lokuhlukumeza.

Isigameko senzeka ngomhlaka-31 Mashi ngezithuba zabo-19:00.

OLUNYE UDABA:Umama nendodana bazitika ngocansi ukuze bagcine umcebo

Lo wesifazane ngesikhathi ehoxisa icala kubikwa ukuthi wathi umfana utshengise ukuzisola ngesenzo sakhe.

"Ngomhlaka-31 Mashi ngezithuba zabo-19:00, ngabika icala lokunukubezwa wumfana, ngokungithinta isitho sangasese. Ngifisa ukulihoxisa icala ngoba ulivumile icala kanti futhi usemncane kakhulu ukuthi usengaba necala."

Lo mfundi wayehamba ngemuva kwalo wesifazane owayebheke esangweni lesikole.

Ngesikhathi lo wesifazane ebona ukuthi ulandelwa yindoda, waqala washesha kodwa umfana wagijima ngemuva kwakhe.

Lo mfana wabe esembamba okhalweni wamhudulela ebumnyameni.

"Lo mfana wathinta lo wesifazane isitho sangasese ephindelela. Owesifazane wakwazi ukumhlula ngamandla wabaleka wayobikela unogada wesikole owayesesangweni lesikole ngokwenzekile," lokhu kuvele enkantolo.

 - Bulawayo24

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...