Umfundi, 15, ugwaze omunye ngo-okapi

2016-03-30 11:31

Bulawayo - Zimkhalele umfundi oneminyaka engu-15 ubudala wesikole iBulawayo Njube High ngokugwaza omunye umfundi amahlandla angu-8 ngo-okapi.

Lo mfundi wahlashela uMoses Ncube, 18, waseLobengula.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele umfundi osolwa ngokugwaza 'intombi yakhe' esikoleni

Inkantolo ilalele ukuthi leli bhungu lashaya uNcube ngesitini esikoleni.

Lo mfundi uvele enkantolo ngecala lokuzama ukubulala.

IMansthi u-Abednico Ndebele akaze ambuze lo mfana ukuba uyaliphika noma uyalivuma icala wamgcina esitokisini aze aphinde avele ngomhlaka-17 Ephreli, kubika iMyZimbabwe.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...