Umfana 'ubulale' omunye kudlalwa i-wrestling

2016-12-09 14:31

Harare - Umfana oneminyaka engu-13 ubudala ofunda esikoleni samabanga aphansi eZimbabwe, usolwa ngokubulala umngani wakhe ngemuva kokuzama 'isitayela sikaJohn Cena' kudlalwa.

Umsolwa kubikwa ukuthi wabamba ngopitsi umngani wakhe wamuginqa phansi washayeka ngesiphundu phansi.

OLUNYE UDABA: 'Induku' ibhajwe kwisipanela 'kudlalwa' izithandani zizitika ngocansi

Umufi uLawson Dhliwayo, ukhale ngekhanda ngemuva kokuwiswa umngani wakhe.

Ubaba wakhe uWilbert, 43, waphuthunyiswa emtholampilo oseduzane lapho adluliselwe khona esibhedlela kodwa uLawson wahlonzwa njengoshonile ngesikhathi efika esibhedlela iParirenyatwa, eHarare.

Ngokusho kwamaphoyisa, umufi, 12, obenza uGrade 7 ubedlala nomngani wakhe afunda naye esikoleni bedlala i-wrestling.

" Singamaphoyisa, sinxusa abazali ukuba baqaphele izinhlelo ezibukwa yizingane zabo kumabonakude.

"Izingane kufanele zixwayiswe ngokungazizami izitayela ezenziwa kwi-wrestling noma kumafilimu anodlame," kusho okhulumela amaphoyisa u-Inspector Tavhiringwa Kakohwa.

 - Myzimbabwe

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...