UMengameli waseZimbabwe unxuse izakhamuzi ukuba zixole futhi zibuyele ekhaya

2017-12-22 11:00

eThekwini - Abantu abadabuka kwelaseZimbabwe baphume ngobuningi babo ukuzokwamukela uMengameli wabo omusha u-Emmerson Mnangagwa ezindlini zenxusa laseZimbabwe ePitoli, kubika i-Independent Foreign Service.

Lo mengameli uhambele eNingizimu Afrika ngenhloso yokuxhumana nosomabhizinisi bakuleli kanye nabangabokudabuka eZimbabwe ngenhloso yokuheha abatshalizimali.

Ubethokoze kakhulu ebona izinkumbi zabantu zivale imigwaqo yasePitoli zizomamukela.

Ngenxa yokugcwala ngokweqile kule ndawo, kuze kwasiza abasebenzi bakahulumeni nokuyibona ebebengenisa abantu ngohlelo ngoba bese kunesiphithiphithi esikhulu.

Ethula inkulumo yakhe, uMnangagwa uthi idolobhakazi iHarare selikulungele ukuhwebelana namanye amazwe.

Lo mengameli uthi izinhlelo zokuthuthukisa umnotho nokudala amathuba emisebenzi yizona ezihamba phambili waphinde wanxusa osomabhizinisi, ikakhulukazi labo abadabuka eZimbabwe, ukuba behlise umoya babuyele ekhaya.

OLUNYE UDABA:Owesilisa uvele enkantolo ngokubiza uMengameli omusha ngombulali

"IHarare isikulungele ukusebenza kanti idinga nina ukuba nibuyele ekhaya nizolithuthukisa izwe lenu. Kubalulekile ukuthi sifune ukuxola uma singabantu. Kumele sixole futhi sikwazi ukukudlulisa konke okwenzekile ngaphambilini," kusho yena.

Uqhubeke wathi ngeke bawaphinde amaphutha asebadlule kuwona ngaphambilini.

UMnangagwa uthi iZimbabwe iya okhethweni kulezi zinyanga eziyisithupha ezizayo futhi unethemba lokuthi uzolunqoba ukhetho..

“Ezinyangeni eziyisithupha ezizayo sizobe sikhetha umengameli wezwe omusha, nginethemba lokuthi ngizophumelela," kusho yena.



- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...