Umengameli waseMozambique uhalalisele ubuholi obusha baseZim

2018-01-21 15:38

Maputo – UMengameli waseMozambique uFilipe Nyusi uthi unethemba lokuthi uMengameli Emmerson Mnangagwa uzokwazi ukwakha kabusha umnotho waseZimbabwe olimele.

Ngokwephephandaba iHerald uNyusi ukusho lokhu eseMaputo ngesikhathi eqhubeka nokuzwakalisa ukweseka izinhlelo zokuthuthukisa eziphakathi kwamalazwe.

UMnangagwa ubeseMaputo ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA: Izingane zibulale uyise ngoba ethathe isithembu

UNyusi uhalalisele iZimbabwe ngohlelo olwaba nokuthula lokudluliswa kwamandla oMbuso ngonyaka odlule ngemuva kokungenelela kwamasosha ayefuna labo abayizigebengu abasondelene noRobrt Mugabe.

"Ngihalalisela ubholi bakho. Abantu baseZimbabwe bayakwethemba kanjalo nohulumeni wami unesifiso sokusebenzisana nawe ekuguquleni isimo somnotho ukuze ukhule,” kusho uNyusi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...