'UMengameli uyinsimbi kayigobi'

2017-06-22 07:53

Harare – UMengameli Robert Mugabe uyindoda eqine njengensimi, kusho unkosikazi wakhe uLady Grace Mugabe, ezama ukuphebeza amahlebenzi athi umyeni wakhe uyaqhubeka nokuntengezela.

UGrace ukusho lokhu ngoLwesibili ngesikhathi eduduza umndeni kulandela ukudlula emhlabeni komculi uDickson "Chinx" Chingaira, oshone eHarare ngoLwesihlanu.

UGrace utshele abantu ukuthi isimo sempilo kaMugabe asisibi.

OLUNYE UDABA: Iboshiwe indoda eyalengisa ingane ifuna o-like kuFacebook

"Uyinsimbi kayigobi. Usazihambela ngezakhe izinyawo, futhi sibonga uNkulunkulu ngokumnikeza isipho sempilo,” kusho umka Mengameli.

UMengameli waseZimbabwe usevame ukuya eSingapore eyohlolwa isimo sempilo, nokwenza abantu bathi akuhambi kahle.

Iziphathimandla zakuleliya lizwe isimo sempilo kaMengameli ziyasifihla.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...