UMengameli usongele ngokufa oxoshwe eqenjini elibusayo - Umbiko

2017-11-09 14:00

Harare – UMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe usongele ngokufa lowo obeyiphini lakhe u-Emmerson Mnangagwa, kusho umbiko.

Ekhuluma nabalandeli bakhe ngaphandle kwekomkhulu le-Zanu-PF eHarare ngoLwesithathu, uMugabe uthe isigcino "yigodi kulabo abafuna ukungena esikhundleni sakhe,” kubika i-New Zimbabwe.com.

UMugabe uthe “azikho izindlela ezisheshayo ekubeni ngumholi wabantu”.

UMugabe uphinde wathi: "Ipolitiki yaseZimbabwe ayinazo izindlela ezisheshayo. Kunamabhubesi ezindleleni ezinqamulelayo. Izindlela ezinqamulelayo zinobungozi, kuyafiwa kuzona. Zinamabhubesi. Ngiyakuxwayisa, qaphela! Uzokufa."

OLUNYE UDABA: Usexoshwe nayinhlangano oxoshwe kwesePhini likaMengameli

Lokhu kulandela imibiko ethi uMnangangwa ubalekile ezweni lakubo ngenxa yokusongelwa ngokufa.

Kodwa wethembise ngokuthi uzobuyela eZimbabwe ukuzohola amalungu eqembu.

UMnangagwa ubebonakala njengomuntu ozothatha izintambo kuMugabe, 93, kodwa ukuxoshwa kwakhe kubonakale njengemizamo kaMugabe yokucabela indlela umkakhe, uGrace, ebheke ekuthatheni izintambo zokuhola izwe.

NgoLwesine ekuseni kuvele imibiko ethi uMnangagwa uxoshiwe kwiZanu-PF.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...