UMengameli ujabulele ukungabikho kwe-load shedding

2017-04-19 12:31

Harare - NgoLwesine uMengameli Robert Mugabe, 93, uthe abantu baseZimbabwe kumele bakujabulele ukuthi sekuphele izinyanga ezingu-15 ungakaze unqamuke ugesi.

"Sonke kumele sijabule ngokuthi kusukela ngoJanuwari 2016 izwe selibe nezinyanga ezingu-15 ingekho i-load shedding," kusho uMugabe ngesikhathi kugujwa i-Independence Day eNational Sports Stadium njengoba sekuphele iminyaka engu-37 lelizwe lathola ukuzimela.

OLUNYE UDABA: Kushone abazalwane abahlanu kuketuka isikebhe

Ukunqamuka kukagesi kwakuvame kakhulu eZimbabwe ngo-2007 kanti ngalesi sikhathi ugesi wawubuyiswa amahora ambalwa, phakathi nobusuku.

Ukunqamuka kukagesi kwaqhubeka nango-2009 kuya ku-2013, nokuyinto eyayicasula kakhulu abantu bakuleliyalizwe njengoba babengakwazi ukubukela kahle imidlalo yeNdebe yoMhlaba ka-2010.

Nakuba ukucima kukagesi kusabonakala eZimbabwe, imvamisa sekugxekwa izinkinga zezintambo ngalokhu.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-28°C Sunny. Warm. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...