UMengameli ugxeke 'ukubukelwa phansi kwentando yeningi'

2017-09-21 19:29

Nairobi - UMengameli waseKenya u-Uhuru Kenyatta ukhulume ngoLwesine wathi isinqumo seNkantolo eNkulu esithi alukho semthethweni ukhetho lwakamuva, "kungukuvukela uMbuso" nokweba intando yeningi kubantu.

Ekhuluma ebonakala ukuthi uthukuthele, uKenyatta ugxeke "ukuvukelwa koMbuso eKenya okwenziwe abantu abane enkantolo."

UKenyatta wethule ingxenye enkulu yale nkulumo ngesiSwahili wathi inkantolo ibukele phansi intando yeningi ngokuthi "izibalo azinamsebenzi, kepha imigudu elandelwayo yiyo ehamba phambili".

"Lesi sinqumo senkantolo sabantu abayidlanzana sesihlehlise inzuzo yeminyaka eminingi," esho, efanisa lesi sinqumo nokuvukelwa kwemibuso emazweni amaningi e-Afrika.

OLUNYE UDABA: Inkantolo inqume ukuba kuvotwe kabusha eKenya

INkantolo eNkulu ngomhlaka-1 Septhemba yakhipha isinqumo esithi imiphumela yokhetho lwangomhlaka-8 Agasti ayikho semthethweni ngemuva kokulalela isikhalazo esafakwa yiqembu eliphikisayo eliholwa nguRaila Odinga.

NgoLwesithathu, amajaji akhiphe isinqumo esiphelele, echaza kabanzi ngalesi sinqumo ethi ikhomishana eyongamele ukhetho ayizange iqinisekise ukuthi lolu khetho lukhululekile.

I-Independent Electoral and Boundaries Commission (IEBC) isibeke umhlaka-26 Okthoba njengosuku okuzovotwa ngalo futhi, kepha kunongabazane wokuthi lolu khetho luzokwenzeka ngosuku olunqunyiwe.


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...