Umengameli ufuna kuvalwe indaba ye-oral sex ezweni

2018-04-19 19:29

UMengameli wase-Uganda uYoweri Museveni useveze ukuthi ufuna ukuyivala indaba yocansi olubandakanya umlomo (oral sex) ezweni ngenxa yokuthi umlomo "wadalelwa ukudla kuphela".

UMuseveni usole abantu "bangaphandle" ngokuzama ukugqugquzela abantu base-Uganda ukuthi benze i-oral sex - wathi ngalokhu ukhipha isexwayiso.

Utshele abezindaba wathi: "Ngithanda ukuthatha leli thuba ngixwayise abantu bakithi ngezinto ezinganambitheki abazenzayo futhi lokho kugqugquzelwa abantu bangaphandle.

"Enye yalezi zinto yi-oral sex. Umlomo wadalelwa ukudla, hhayi ucansi. Siyalazi ikheli locansi, futhi siyazi ukuthi ucansi lutholakala kuphi," esho.

OLUNYE UDABA: Kuncengelwa isitabane sase-Uganda esiboshwe kuleli

UMuseveni wasayina i-Anti-Homosexuality Act ngo-2014, ekwenza kube yicala elibomvu ukuba yisitabane e-Uganda.

Abantu base-Uganda abazibandakanya ezenzweni zobutabane basengozini yokuthola udilikajele uma belahlwa yicala lokuzibandakanya ocansini nabantu bobulili obufanayo.

Lo mthetho ukwenza kube yicala futhi ukungabiki ngezenzo zobutabane.

Ngo-2014, ngemuva kokusayina lo mthetho, uMuseveni wathi i-oral sex ingase idale izibungu.

"Ufaka umlomo laphaya, ubuye nezibungu bese zingena esiswini sakho ngoba zingene ngendlela okungeyona," esho.

- Daily Mail

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...