UMengameli omusha waseZimbabwe uhlakaze iKhabhinethi kaMugabe

2017-11-28 11:00

Harare - UMengameli omusha waseZimbabwe u-Emmerson Mnangagwa usethathe isinqumo sokuhlakaza iKhabhinethi likalowo angene ezicathulweni zakhe uRobert Mugabe, owesula esikhundleni kulandela ukuthi umbutho wezempi washaqa amandla oMbuso.

UMnangagwa "usohlelweni lokuhlanganisa ithimba elisha longqongqoshe beKhabhinethi", kusho uMisheck Sibanda, onguNobhala kaMengameli neKhabhinethi esitatimendeni ngoMsombuluko.

USibanda unezele ngokuthi uMnangagwa uqoke uPatrick Chinamasa njengebamba likaNgqongqoshe wezeziMali kwathi uSimbarashe Mumbengegwi waqokwa njengebamba lesithunywa esiphezulu "ukuze kungaphazamiseki ukuqhubeka komsebenzi omqoka kahulumeni".

Lesi sitatimende asizange sicacise ukuthi uMnangagwa uzolimemezela nini iKhabhinethi elisha.

OLUNYE UDABA: UMugabe kumele alalele abantu ehle esikhundleni - Mnangagwa

UMnangagwa, 75, wafungiswa ngoLwesihlanu njengomengameli ngemuva kwezidubedube ezabonakala kuleliya lizwe ngesikhathi amasosha ethatha izintambo zoMbuso kuMugabe, ngenhloso "yokubopha izigebengu ezisondelene noMugabe".

UMugabe kukaningi egxekwa ngokubambelela emandleni noma isidingo singasekho futhi esolwa ngokuphatha ngesandla sensimbi, ukukhwabanisa ukhetho kanye nenkohlakalo.

Wagcina egobe uphondo, wavuma ukwehla esikhundleni ngemuva kwezingxoxo.

IPhalamende lase liqala uhlelo lokuvotela ukuketula uMugabe ngesikhathi uSomlomo emisa izinhlelo wafunda incwadi yokwesula kaMugabe.


- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...