UMengameli omusha waseZim uthi ubephithene ikhanda ngezinsuku zokuqala

2017-12-05 14:00

Harare – UMengameli omusha waseZimbabwe u-Emmerson Mnangagwa kubikwa ukuthi usezichaze njengezinzima izinsuku zakhe zokuqala eziyishumi ethathe izintambo, kodwa usanethemba lokuthi ongqongqoshe bakhe bazosiguqula isimo somnotho wezwe.

Ngokombiko wephephandaba iHerald, uMnangagwa ukusho lokhu engxogxweni emfushane kulandela ukufungiswa kongqongqoshe beKhabhinethi abangu-21 eHarare ngoMsombuluko.

"Kube yisikhathi esiphithanisa ikhanda, kodwa ngikholelwa ukuthi mina nethimba lami sizozimela izinselelo,” kucashunwa uMnangagwa.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe umfundi 'ngokunquma unina'

I-AFP ngoMsombuluko ibike ukuthi uMnangagwa unxuse ubumbano kuleliya lizwe ukuze kuvuseleleke umnotho njengoba iKhabhinethi lakhe seliqala umsebenzi.

UMnangagwa wayebonakala njengomuntu osethubeni elihle lokuthatha izintambo kuRobert Mugabe ngaphambi kokuba akhishwe esikhundleni sokuba yisekela.

UMugabe wamxosha ngemuva kokuba umkakhe, uGrace Mugabe, emsole ngokumakhela itulo lokugudluza umyeni wakhe esikhundleni.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...