UMengameli omusha usola unkosikazi kaMugabe 'ngokuhlanya'

2018-01-22 08:03

Harare – UMengameli Emmerson Mnangagwa uthi ukholelwa ukuthi unkosikazi kalowo owayengumengameli, uGrace Mugabe, wayengasaphilile kahle ngokomqondo ngesikhathi esezokwehliswa esikhundleni umyeni wakhe, uRobert Mugabe.

Engxoxweni abenayo neFinancial Times yaseBhrithani, uMengameli omusha waseZimbabwe uthe okwamenza wabanesiqiniseko ngalokhu yirali eyayisingethwe nguyena uGrace Mugabe ngoNovemba, lapho abiza khona uMnangagwa ngenyoka okumele ichobozwe ikhanda.

“Ngabizwa ngenyoka. Futhi kwathiwa indlela yokususa le nyoka ukuba ibulawe ngokuyichoboza ikhanda. Le nyoka nguMnangagwa, kumele siyichoboze ikhanda, ingashaywa umsila noma umzimba,” kusho uMnangagwa ephinda amazwi kaGrace Mugabe.

OLUNYE UDABA: UMengameli waseMoz uhalalisele umholi omusha waseZim

Irali okukhulunywa ngayo yayibanjwe ngosuku olwandulela okwaxoshwa ngalo uMnangagwa ngoNovemba 6.

UMnangagwa akayanga eralini, kodwa wayithola imibiko ngayo.

“Wayehlanya lapho. Sekuyangicacela manje ukuthi wayengaphilile kahle ekhanda,” kusho uMnangagwa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...