Umdlali ubulawe yingwenya eziqeqesha eduze nomfula

2017-03-20 16:00

Maputo – Umdlali osemncane waseMozambique ugxavunwe yingwenya, yambulala, ngesikhathi eziqeqesha eduze nomfula, ikilabhu yakhe isho kanjalo ngoMsombuluko.

U-Estevao Alberto Gino, 19, obedlalela iqembu elisesigabeni i-second division eMozambique, i-Atletico Mineiro de Tete, kanti ubehlala eduze nomfula iZambezi, entshonalanga nesifundazwe iTete.

Lesi sigameko senzeke ngoLwesine olwedlule.

OLUNYE  UDABA: Kushone 20 wabafundi ebebebhukuda kunesiphepho

“Ngalobo busuku, wayeziqeqesha futhi ngemuva kokugijima ululele izandla zakhe emanzini nokuyilapho ingwenya imgxavune khona," umqeqeshi u-Eduardo Carvalho, utshele i-AFP.

Omakhelwane ababili abazibonele ngawabo lokhu, bathi le ngwenya ilinganiselwa emamitheni amahlanu ubude, futhi “ayikho into abebengayenza” ukumsindisa umufi, kusho uCarvalho.

Ukuhlasela kwezingwenya kuyinto ejwayelekile eduze nomfula iZambezi.

Okhulumela amaphoyisa asendaweni, uLeonel Muchina, usiqinisekisile lesi sigameko ku-AFP, wathi isidumbu salo mdlali besingakatholakali. 

- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...