UMbeki ubambe izingxoxo zangasese noMugabe

2017-08-02 12:31

Harare – Lowo owayengumengameli wezwe uThabo Mbeki kubikwa ukuthi ubenezingxoxo zangasese noMengameli waseZimbabwe Robert Mugabe, 93, ngemuva kokuthatha uhambo olubheke eHarare ngoMsombuko.

Ngokombiko weNewsDay, inxusa laseNingizimu Afrika eZimbabwe, uMphakama Mbete, lithe uMbeki uhambele leliya lizwe ngemuva kwesimemo asithole kuMugabe.

"Bebedingida ngezinto ezenzeka eNingizimu Afrika naseZimbabwe, nangalezo ezithinta imibutho yomzabalazo,” kusho uMbete.

OLUNYE UDABA: Kushone ilungu lePhalamende, kwalimala amanye engozini

Okhulumela uMugabe uGeorge Charamba naye uluqinisekisile uhambo lukaMbeki.

"Yebo, babenomhlangano, kodwa ubucelwe uyena (uMbeki) futhi ububanjelwe ngasese. Nathi asiwuthamelanga,” kusho uCharamba.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...