Umbani ubulale izinkomo ezingu-18

2017-02-20 09:33

Bulawayo -  Isale ishaqekile imindeni emithethu yaseChikomba eMashonaland East ngoMgqibelo ngemuva kokuba izinkomo zayo ezingu-19 zemali elinganiselwe kwengu-R13 000 zishaywe wumbani.

UMable Njowa waseMasendu Village ulahlekelwe yizinkomo ezingu10, kuthi izelamani ezimbili uMasiyiwa noMartini Juru baseMunhundorima Village zilahlekelwe yizinkomo ezingu-8 ntambama, okuyisigameko esishiye izakhmizi zinetwetwe.

OLUNYE UDABA: Bavelile ngelokweba imfuyo eKZN

UCOsma Tatsakatika wezemfuyo esiofundazweni saseChikomba uthe isigameko senezeke eduzane nasemzini yabanikazi bemfuyo eNeshangwe okungama-60km naseChivhu.

Isigameko senzeke ngemuva kwezulu elibi eladlula nezitshudeni ezimbili lalimaza nezingu-83 esikoleni eMarondera ngenyanga edlule.

URatsakatika uthe, eminyakeni emibili eyedlule umlimi wepulazi iFeasterstone walahlekelwa yizinkomo ezingu-9 ngaphansi kwesimo esifanayo.

 - Bulawayo24

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...