Umbani ubulale izimbuzi ezingu-17

2018-02-14 14:01

Keetmanshoop - Imvula ihlezi yamukelekile ezindaweni ezishisayo nezomile ezifana neyesifunda iKharas, kodwa lesi senzakalo semvelo sibuye sithwese abalimi nezakhamuzi izinkinga.

Imvula enamndla idalele omunye wabalimi, u-Abraham Thomas, umonakalo omkhulu njengoba elahlekelwe yimfuyo yakhe epulazini iRegina, elingamakhilomitha amane ngaphandle kwaseHelmeringhausen, kwisifunda iBethanie.

OLUNYE UDABA:Umbani ubulale izinkomo ezingu-29

Umbani ubulale izimbuzi zikaThomas ezingu-17 ngezithuba zabo-17:00 ngoLwesine olwedlule.

UThomas utshele abezindaba iNampa ngoLwesihlanu ukuthi kwanetha imvula ephakathi kwamamilimitha angu-20 nangu-40 ngaloluya suku okuwusuku okwafa ngalo izimbuzi zakhe ezingu-17 zibulawa wumbani. 

"Imbuzi eyodwa ibiyimpongo kanti ezingu-15 kwezifile bezimithi sezizozala," kuchaza uThomas.

UThomas uphinde wathi lokhu okumehlele kwakhe kwake kwamenza ngoNovemba ngonyaka odlule ngesikhathi kuqala izimvula.

"Kuyingxenye yebhizinisi labalimi, kungezinye zezinto abalimi abahlangabezana nazo," kuqhuba uThomas elandisa ngokulahlekelwa kwakhe.

Ngokusho kukaThomas, okwamanje, bathole imvula engu-178 mm kanti kusele izinyanga ezimbili kuphele isizini yemvula.

 - ANA


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...