Umama ushumpule ingane itotolozi ngoba lilikhulu kakhulu

2017-03-14 16:00

Bulawayo - Sekuphele izinsuku ezimbili umfana oneminyaka emibili ubudala esesibhedlela eningizimu yeZimbabwe edolobheni iBulawayo ngemuva kokushumpulwa 'induku' ngunina.

Lo mama kusolakala ukuthi watshela omakhelwane bakhe ukuthi 'induku' yendodana yakhe "inkulu kakhulu, ingaphezu kweminyaka yayo", kubika iphehandaba iChronicle.

OLUNYE UDABA: 'Ushumpule induku yomngani wakhe ngoba inkulu kuneyakhe'

Lo mama ugcinwe esibhedlela sabangaphilile kahle ngokomqondo.

Ilungu lomndeni likhulume nephephandaba lathi: "Sonke sishaqekile futhi sidumele ngokuthi lo mfana uzokhula engenayo 'induku'.

"Lesi sigameko siyethusa kodwa siyathemba ukuthi bobabili bazolulama kahle."

Iziphathimandla zasesibhedlela, iMpilo Central zifunela le ngane ikhaya lezingane ezohlala kulo.

Kubikwa ukuthi umama usesibhedlela, iNgutsheni, okuyisibhedlela sabagula ngengqondo.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Morning clouds. Cool. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-25°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-23°C Scattered clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...