Umama 'ubulale' indodana eyikhipha amadimoni

2016-02-26 12:33

Nairobi – Owesifazane waseKenya uboshiwe ngemuva kwezinsolo ‘zokubulala’ indodana yakhe ezama ‘ukuyikhipha amadimoni’.

Owesifazane, ongu-Irene Mbithe, uboshwe ngoLwesine ngemuva kokuba izakhamizi zaseKangurue zibike ngezinsolo mayelana nokufa kwendodana yakhe, uBrian Kibet.

Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesehlakalo, ulumi lwengane kanye namathumbu bekungaphandle, njengoba kuphume bezama ukukhipha amadimoni.

Funda nalolu daba: Angase aboshwe owathi abesifazane abashadile abathembekile

Kwi-video efakwe ku-Youtube yi-K24, ubabekazi kaBrian, uCatherine Muthama, uzwakalise ukuthuka ngesehlakalo. 

"Ngesikhathi ngifika lapha ngithuke kabi ngibona umama ekhipha ulimi lengane ngaphandle, ngamemeza ngambuza ukuthi uyibulalelani,” usho kanje.

Omakhelwane bathi ubusuku bonke bangoLwesithathu umama ubezama ukukhipha indodana yakhe amadimoni.

Umama wengane uthe ubengaqondile okubi.

Amaphoyisa abophe umama wengane ngenhloso yokumpheka ngemibuzo.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-26°C Sunny. Mild. Pta: 19-32°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-30°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-30°C High level clouds. Warm. PE: 20-27°C More sun than clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...