Umama nendodana bazitika ngocansi ukuze bagcine umcebo

2017-04-05 19:32

Bulawayo24 - Owesifazane oneminyaka engu-52 ubudala waseZambia ohlonzwe ngelikaYvonne Banda, uzivumele esidlangalaleni ngokuzibandakanya ocansini nendodana ngenhloso yokugcina umcebo wayo.

Lo mama udalule lezi zindaba zokuzibandakanya ocansini nendodana ogama layo ngu-Abel wathi njalo ngoLwesithathu bazitika ngocansi.

Uthi lokhu kwaqala ukwenzeka indodana isaneminyaka engu-14 ubudala, kanti uthi uma bengayeka lo mgilingwane indodana yakhe ingafa nokufa.

UYvonne uvume lokhu kwiZambiaWatchDog ukuthi uyinsika yempumelelo yendodana yakhe ngokulala nayo njalo ngesonto.

Uthi lo ngumyalelo awuthola enyangeni eyeye kuyo.

OLUNYE UDABA:Umama uvuma eyokuba nezingane nendodana yakhe

Kuthiwa wake waludalula lolu daba esontweni umfundisi webandla iGreat Kingdom, eZambia, wamkhulekela.

Nakuba lo mama esekudalulile lokhu ngoba esabela ukuthi indodana yakhe izoshona kabuhlungu, kubikwa ukuthi wabuyela kuyo baqhubeka nobudlelwano.

Lo mama eselandisa amaphephandaba uthe: "Sengizibandakanye ocansini nendodana yami u-Abel kusukela ngonyaka ka-2002 ngesikhathi eqala ibhizinisi lakhe lezokuthutha eselikhule kakhulu kanti. Ngikhuluma nje usenenqwaba yamaloli, amabhasi nezinye izimoto ezincane.

"Sizitika ngocansi njalo ngoLwesithathu, kanti lokhu sikwenza emzini wami ngoba yilapho okwagqitshwa khona umuthi."

Ngokusho kukaYvonne uthe mhlazane wayeka ukulala nendodana yakhe, umcebo wayo uyoshabalala, indodana yakhe bese ishona kabuhlungu.

 - Bulawayo24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...